Kuthiwa uBonang "wayelishaya" isoka egajwe yisikhelwa uma esebudlonyile

2017-09-03 17:05

Johannesburg - UDJ Euphonik uthi lowo owayeyintombi yakhe uBonang Matheba wayemshaya ezigamekweni ezimbalwa uma ephuzile emsola ngokumjolela.

Lo DJ uthi le ntokazi yayinokuzisika ezihlakaleni uma opha, ashayele amaphoyisa ucingo awatshele ukuthi uyena omenze nje.

U-Euphonik, ogama lakhe langempela wuThemba Nkosi, washo lokhu ngencwadi efungelwe eMantshi eRandburg ephikisana nesicelo esafakwa wuBonang sokuthi athole incwadi yokumnqanda ukuba angasondelani naye.

OLUNYE UDABA:UBonang uzophatha uhlelo kuma-awards amasha eMzansi Magic

Lokhu kwenzeka ngo-2012 nokuyilapho uBonang acasula khona abalandeli bakhe, ehoxisa amacala ayewavulele lo DJ kanye naso lesi sicelo sokuba angasondelani naye.

Kusolakala sengathi yilo mbiko ka-Euphonik kulezi zinsolo zokuthi uyayishaya le ntokazi, owenza yahoxisa amacala.

Kungokokuqala ngqa ukuba kuputshuke imininingwane yalokhu okwenzeka enkantolo.

Thola udaba oluphelele kuSunday World.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...