Kuthiwa u-AKA "uncinzana" nentokazi yaseThekwini

2017-09-17 18:38

eGoli - Kuthiwa imidlisa amaphayiphi intokazi yaseThekwini uBonang okusolakala ukuthi iyishende lesoka lakhe.

Le ntokazi okuthiwa iyona engahle igudluze umethuli wezinhlelo uBonang igama layo nguNicole Nyaba osebenza njengomkhangisi kanti udume kakhulu ngofuka izithombe esihehayo ezinkundleni zokuxhumana.

Yize kungaqondakali kahle ukuthi kwenzekani phakathi kwale ntokazi nalo mrepha, kodwa kusuke omkhulu umsindo ngesithombe esifakwe yiyo ezinkundleni zokuxhumana imi ngemuva kwemoto ka-AKA ishaye encane ingubo eveze ithanga.

OLUNYE UDABA:U-AKA ulahle ucingo lomlandeli wafuna ukumkhokhela ngensangu

"Njengoba uB ebematasa elungeselala umsebenzi wokwethula uhlelo lwamaDSTV Mzansi Viewers Choice Awards, uNicole wayematasa nesoka lakhe u-AKA. UNicole wayeno-AKA bebuka umdlalo ka-Floyd Mayweather eHard Rock Cafe eSandton,” kusho umthombo wamaphephandaba.

Omunye umthombo uthi uBonang ngeke akwazi ukulahla u-AKA ngoba uyazi ukuthi izitha zakhe zikulindele ngabomvu ukubhidlika kwalobu budlelwane njengoba naye angena ngopotsho kwazise phela ukuthi wathandana no-AKA esathandana nomama wengane yakhe uDJ Zinhle.

UNicole uyawaphika amahlebezi wokuthandana no-AKA, kanti nesoka lizithele ngabandayo kulokhu.

Umphathi kaBonang uSylvester Chauke, uthe ngeke bakwazi ukuphawula ngempilo yakhe yangasese.


- Sunday Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...