Kuthiwa sebuphelile ubudlelwano bomlingisi noDJ weGagasi FM

2017-03-05 11:03

Johannesburg - Kuthiwa ibuhlungu inhliziyo yomlingisi, uNtando Duma kulandela izinsolo zemithombo zokuthi ubudlelwane bakhe noweGagasi FM, uDJ Junior De Rocka sebuphelile.

Umthombo utsheole iSunday Sun ukuthi: "Lo mlingisi ubejwayele ukutshengisa izwe lonke isoka lakhe kodwa kulezi zinsuku usabalalisa izindaba eziphathelene naye nodadewabo kuphela."

Omunye umthombo uthe lokhu bekulindelekeile ukuthi kwenzeke noma inini ngoba ubudlelwano bukaNtando noDe Rocka abuqalanga kahle.

OLUNYE UDABA: UNtando Duma ubevakashele abasemzini

ISunday Sun yabika ngoJanuwari ukuthi uNtando nomculi we-Afro-Pop, uNaima Kay kusolwa ukuthi babebanga lo DJ okwakusolwa ukuthi ubabhanqile.

Omunye umthombo uthe: "Kwakungekuhle ukubukela konke okwakuqhubeka ngonyaka odlule ngesikhathi uNaima Kay ecabanag ukuthi konke kuhamba kahle ebudlelaneni babo, ekubeni isoka lakhe limatasa noNtando.

"Ngesikhathi uNaima esebona ukuthi kudlalwa ngaye, kwamuphula umoya waze wancipha nasemzimbeni.

Ngokusho kwabanagni abasondelene nodaba, lo DJ ogama lakhe lokuzalwa nguJunior Mzizi usacashile kanti ngoDisemba wayematasa ngomsebenzi engenandaba nokuthi bathini abantu uma kuza kuNtando.

Omunye umngani walo DJ uthe: "Usemncane futhi wavele wadideka ngesikhathi uNtando eqala ukugqoka indandatho ethi bathembisene umshado.

"Wabona ukuthi izinto zishesha kakhulu, yena ayekufisa ubudlelwano obujwayelekile bomuntu oseminyakeni ebalelwa kwengaphezu kwengu-20 ubudala.

UNtando osanda kushiya kuRhthm City etshengisa ku-e.tv ujoyina i-SABC maduze, uma sebeqedile ukudalula izinhlelo zayo ezintsha ezinyangeni ezizayo.

UNtando noJunior De Rocka abatholakalanga beophawula kwaze kwashay isikhathi sokushicilela.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...