Kuthiwa owoZalo uzitholele uthando koweSibaya

2017-08-13 15:31

Johannesburg - Umlingisi womdlalo wakumabonakude Uzalo, uTK Dlamini usolwa ngokuzitholela uthando kumlingisi womunye umdlalo okumabonakude Isibaya, uJessica Nkosi.

Abephephandaba iSunday Sun, bababone ngesonto eledlule endaweni yokuzichwala izinwele iDream Hair Salon enxanxathela yezitolo iGateway Theatre of Shopping, eMhlanga Ridge, enyakatho yeTheku, KwaZulu-Natal, ngesikhathi uTK elethe uJessica khona.

Imithombo ithi sekuphele izinyanga laba bobabili ubudlelwano babo bebufihlile, benza abalandeli babo iziwula. 

OLUNYE UDABA:Usethole uthando olusha osanda kubuyelana nonkosikazi wakhe

"UTK odlala indawo kaNtokozo “Mastermind” Dlamini kuZalo, wavele wadinwa wagana unwabu ngesikhathi ethola umqhafazo kuWhatsapp, ovela kuJessica ephathini kaCashflow.

"Wathatha isinqumo sokuyitshengisa labo ababeseduze kwakhe njengobufakazi bokuthi unakho ukuziphakamisa," kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe: "Ngesikhathi uJessica eseThekwini, ubonakala eshayela imoto kaTK yohlobo lwe-Audi kanti futhi uhlezi esemzini wakhe.

"Emcimbini  weDurban July bangena bobabili ekhonsathini yeFact Durban Rocks bebambene izandla, okuyinto eyakhulumisa abaningi endawnei okuhlala kuyo izicukuthwane i-VIP."

UTK akazange akuphike noma akuqinisekise lokhu, wathi: "Kungani nikhethe yena kuphela? Akulungile lokhu. Ngicabanga ukuthi lo mkhakha wethu ushiya abantu benokudideka, kwesinye isikhathi, uma bhesibona sindawonye.

"Ngibahlonipha bonke abantu kulo mkhakha.

"Konje ukuzwe kuphi lokhu?"

Izolo ngesikhathi iSunTeam ishayele uJessica uciongo, kodwa wenqaba ukuphawula, wavala ucingo.

 - Sunday Sun

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...