Kuthiwa imenenja yoKhozi FM ikweleta uR70 000

2017-04-16 15:29

Durban - Kubukeka sengathi zisekude ukuphela izinxushunxushu zasemsakazweni omkhulu uKhozi FM, kusho umthombo.

ISunday Sun ikholwa wukuthi imenenja yoKhozi FM, uZandile Tembe usolwa ngokungaboni ngasolinye nophrojusa wohlelo iWoza Nabangani Bakho, uSma Mathibeli.

Izinsolo zokungezwani kwalaba bobabili ababengobhululu kuthiwa sisuka embangweni wemali.

Imithombo esondelene nalaba bobabili itshele iPeople's Paper ukuthi ingxabano yabo yaqala ngesikhathi uSma nomyeni wakhe ongusomabhizinisi uCalvin weCalvin Family Group kusolwa ukuthi ubolekele uZandile imali.

OLUNYE UDABA:Umsakazi woKhozi FM ezinsolweni zepayola

Omunye umthombo uthe lo uphrojusa nomyeni wakhe baboleka uZandile imali engu-R70 000.

Kusolwa ukuthi uZandile wayenezinkinga zezimali- umyeni wakhe uSizwe Sifunda ongusomabhizinisi kwakungamuhambeli kahle.

Omunye umthombo othembekile uthe uZandile kwabanzima ukuthi asikhokhe lesi sikweletu wabe eseqala ephatha kabi uSma emsebenzini.

One source claimed the producer and her hubby loaned about R70 000 to Zandile. 

Omunye umthombo uthe ingxabano yabo yaphoqa ukuba uSma asule emsebenzini .

"Kwakufanele bamuncenge ukuthi abuyele emsebenzini. Kodwa umphathi wesiteshi uBonga Mpanza wabikelwa ngodaba wase ebuyisela uSma emsebenzini."

Lo mthombo uphinde wathi: "UZandile uyazi ukuthi uphenywa ngabakwa-SABC nokuthi uSma angase angene esikhundleni sakhe."

Ngesikhathi kuthintwa uCalvin ngocingo akazange aqinisekuise izinsolo wacela ukuba ashayele unkosikazi wakhe ucingo kuqala.

Ngesikhathi kushayelwa uZandile ucingo uthe: "Angitholakalanga ngiphaweula."


USma uthe: "Angazi nikhuluma ngani. Khulumani nabaphathi bami."

Umphathi wesiteshi uMpanza uthe: "Angeke ngikwazi ukuphawula ngodaba."

USizwe akatholakalanga ephawula.

 - Sunday Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...