Kuthiwa besekusele isibhamu, amawashi kanye namasenti angatheni efeni lomdlali

2017-07-17 12:35

Cape Town – Ngokombiko weRapport kanye neThe Citizen lowo owayengumdlali webhola lombhoxo osadlula emhlabeni, uJoost van der Westhuizen, ubesesalelwe yizinto ezingatheni efeni lakhe nokubalwa kuzo isibhamu, isigadla sezimoto, amawashi amabili kanye namasenti ambalwa nje kuphela – nokunganele ukuthi kungakhokhela izindleko zecala.

“Ngokohlu lwezinto [zikaJoost] olubonwe yiRapport, bekucishe kube kuncane okusele emcebweni walo mdlalo webhola lombhoxo,” kubika leli phephandaba ngeSonto.

Lokhu kulandela umndonsiswano osudonse izinyanga phakathi kommeli kaJoost, uFerdi Hartzenberg, kanye noSean Hefferman, ongummeli kalowo owayengunkosikazi kaJoost okuthiwa wayeseqhelelene naye, u-Amor Vittone. Ibikiko yathi le mpi yombango wefa isiphelile.

OLUNYE UDABA: Imibiko eshayisanayo ngombango wefa lowayengumdlali

Mayelana nalo mbango, u-Amor watshela iJacaranda FM: “Konke engikulwelayo yilokho okwathenjiswa uJoost izikhathi eziningi.”

UVittone waphinde watshela iNetwerk24: “Kodwa yini okumele ngiyenze uma ngabe nginongabazane ngekusasa lezingane zami? Eminyakeni emihlanu yokugcina yempilo yakhe, uJoost wathembisa izingane zakhe ukuthi angeke kuphinde kumele zikhathazeke ngemali. Into yokugcina izingane zami eziyidingayo manje ukususwa endaweni eziyaziyo ngemuva kokulahlekelwa ngubaba wazo.”

NgoMsombuluko amanye amaphephandaba akuleli abike ukuthi uVittone, nophinde abe ngumculi kanye nomlingisi, usenze isivumelwano sokubhala incwadi nalapho ezokhipha “uhlangothi” lwakhe. IThe Juice ithinte umphathi ka-Amor, uDelyse Vittone, nophike wama ngentaba ukuthi kukhona isivumelwano sencwadi. “Ngingumphathi wakhe futhi ngingakutshela ukuthi asikho isivumelwano sencwadi. Lokho akusilo iqiniso ngokuphelele.”

Kuyimanje lo mlingisi ulingisa emdlalweni owuchungechunge kamabonakude wakuleli, i7de Laan

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...