Kuthiwa akukuhle emshadweni kalowo oyijaji lama-Idols

2017-08-14 12:35

Johannesburg - Kuzungeza amahlebezi athi ulengela eweni umshado kaloyo oyijaji lama-Idols SA u-Unathi Msengana nomyeni wakhe, uThomas "Bad Boy T" Msengana.

Esinye sezizathu zalezi zinsolo zokuthi akuhambi kahle emshadweni walezi zihlabani ukuthi u-Unathi usolwa ngokuphingela umyeni wakhe.

Lokhu kuza ngemuva kokuzwakala ukuthi la bashadikazi abasalali egumbini elilodwa futhi bahlukene, kusho umthombo.

Omunye umthombo uze wathi u-Unathi akasayigqoki indandatho.

Ngokusho komthombo wokuqala, uBad Boy T ubesengabazi ubuthongo ngenxa yokuthi unkosikazi wakhe usechitha isikhathi esiningi naloyo omlolongayo.

OLUNYE UDABA:Kuchitheke umshado inkosikazi idayisela umhloli isinene

"Akuhambi kahle. Kukhona akusolayo uBad Boy T. Eqinisweni, usola ukuthi kukhona okuqhubekayo phakathi kwabo kanti futhi kuyamdina."

Omunye umthombo uthe uyamcika uBad Boy T umcabango wokuthi u-Unathi uyajola.

"Udiniwe, ayikho indoda eshadile efuna unkosikazi wayo achithe isikhathi esiningi nenye indoda," kusho umthombo.

"Sekubizwe nomndeni ukuthi ungenelele emizamweni yokugcina umshado wabo, bazama ukulungisa izinto. Omunye nomunye uzenzela okwakhe."

Kodwa omunye umthombo uthe: "U-Unathi ukhathele uThomas. Wathola izinto ezishaqisayo ngaye. Yebo, zibandakanya umuntu wesithathu. Usembuze kaningi ngazo ngaphambili."

Omunye umthombo uthe ubona ukuthi inkinga isuka ezimalini.

"Khumbula ukuthi u-Unathi washiya emsakazweni iMetro FM ekuqaleni konyaka. Kanti njengoba ungasangeni umholo wakhe ekhaya, izinto azihambi kahle," kusho umthombo.

U-Unathi noThomas abatholakalanga bephawula kuleli sonto.

UPheko Kgengoe oyimenenja ka-Unathi uthe umatasa u-Unathi akatholakali.

UThomas yena uzizibile izingcingo wangayiphendula nemiqhafazo abeyithunyelelwa.

 - Sunday Sun

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...