Kuthiwa akehlise ukuqina uNgizwe - Umbiko

2017-04-09 15:30

Durban - Ubhalelwe incwadi encase umsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu kuthiwa akehlise ukuqina.

Kuthiwa unyaka wawuqala ngegiya eliphezulu uNgizwe ehamba etanasa etshela abantu ukuthi uyena inkosi yabasakazi.

Lo msakazi wazikhipha ebantwini ngesikhathi kubonakala ukuthi ukhetha iphela emasini ohlelweni lwakhe noBheka Mchunu, Sigiya ngengoma, yize zazikhona izikhalazo abaphathi balesi siteshi bebebonakala bengazinaki izikhalazo zabantu.

Kuze kube yimanje, abalaleli balo msakazi bebesola uNgizwe ngokuzenzela umathanda futhi ebonisa ngokusobala ukuthi kunabaculi angabathandi.

OLUNYE UDABA:OwoKhozi ushade ngasese engawatshelanga amanye amakhosikazi akhe

Ukuqophisana kwakhe ngamazwi nabaculi abathile nasesidlangalalelini yokodwa okufakele abaphathi ukuba bashintshe izinto.

Oyedwa wabalandeli usekhethe ukubhalela lo msakazi emtshela ukuthi akehlise ukuphapha.

Kule ncwadi umlobi ubhale kanje: "Uthi athini amakhosikazi akho uma uphapha kanje, azokwazi kodwa ukuthi akhuze izingane aphinde akhuzane nawe?"

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...