Kuthiwa "AKAwinanga" usaziwayo ongazibekile phansi

2016-10-23 14:02

Durban - Umrepha odabuka kwelaseNigeria uqoqe kwasani emcimbini MTV MAMAs ngoMgqibelo eGoli.

UWizkid oqoqe izindondo ezibalulekile njenge-Artist of the year, Best male, Song of the year in partnership with google kanye ne-Best Collaboration lapho asebenzisane nophrojusa wakuleli uDJ Maphorisa.

Abaculi bakuleli abawinile uCasper Nyovest othole indondo ye-Best Live Act kanye no-Emtee othole eyeBest Hip Hop in Association with MTN.

Umculi uHugh Masikela uhlabane ngendondo yokuba yinqalabutho kwezomculo.

OLUNYE UDABA:U-AKA ufuna umgexo wakhe awujikijele kubalandeli

Kuhlabane nomsubathi wakuleli uCaster Semenya othole indondo ye-Personality of the Year in association with DSTV.

Yize lomcimbi uhambe kahle futhi nosaziwayo bakuleli baphume ngobuningi babo ukukweseka ozakwabo kule mboni, kuvunguze inkundla yezokuxhumana uTwitter usuphelile lo mcimbi.

Isizathu? Abathandi bomculo bebegcona umrepha u-AKA ngokuthi akazange awine lutho kulo mcimbi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...