Kuthathane uSjava noMgarimbe kuTwitter ngoluka-Emtee

2017-10-31 12:31

Durban - Kuchwaze inkundla yezokuxhumana uTwitter kulandela ukuthi umculi uNkosinathi Mfeka odume ngelikaMgarimbe ethathane noSjava one-albhamu eshisa izikhotha kuleli esihloko sithi Isinamuva.

Uthuli lwezichwe lususwe ngukuphawula kukaMgarimbe, wodumo lwengoma ethi Sista Bettina, ofake kuTwitter isithombe somphambili ka-Emtee.

NgoMsombuluko ekuseni u-Emtee uziqophe i-video bukhoma ku-Instagram echama endlini encane ebe exoxa nabalandeli bakhe, kanti kuzophambana izinkomishi kuvele "induku" yakhe ngephutha.

UMgarimbe ube esebhala kule nkundla yezokuxhumana ukuthi abafuna ukubona umphambili ka-Emtee mababheke isithombe asifakile, wabe esenxusa abesifazane ukuthi bangasigxeki isitho sangasese salo mculi.

Lokhu kubukeka kumcasulile uSjava, ogama lakhe langempela nguJabulani Hadebe, njengoba evele wabhala kanje kuTwitter:

Lo mbhalo ubone uMgarimbe naye eziphendulela, wafanisa uSjava nomuntu osebenzela umlungu ngoba uhola uma kuphele inyanga kuphela.

"Mina ngeke ngidelelwe yiciko elihola kuphela ekupheleni kwenyanga ngisho kungathiwa linezingoma ezingakhi ezishisa izikhotha! Awuhlukile nomuntu osebenza kamlungu," kufundeka lo mbhalo. Ube esephetha lo mbhalo ngenhlamba.

Kulandela le video, u-Emtee uxolisile kubalandeli bakhe wathi lokhu okwenzekile kube yiphutha elikhulu futhi uyazisola.

TWITTER:




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...