Kusolwa i-eNCA ngokukhipha inyumbazana obheke indondo yama-Idols

2017-11-19 13:00

eThekwini - Bayakhala abalandeli bama-Idols ngalokhu okwenziwe wumsakazeli womphakathi i-eNCA ngalokhu ukuthathwa njengokukhipha inyombazane omunye wababheke isicoco salolu hlelo.

Izikhalazo zingene ngesikhathi abe-eNCA beba nengxoxo nentokazi uPaxton naye ofinyelele kowamanqamu kulo mqhudelwano, kodwa bangayithi vu ekaMthokozisi.

Abalandeli balo mculi onganikezwanga ithuba lokuthi azidayise futhi azibonakalisa naye njengozakwabo onikezwe ithuba bathi lokhu bakuthatha njengokucwaswa kwalo mculi.

Intokazi yakwaZulu-Natal uJacinta Ngobese yathathela ezinkundleni zokuxhumana izwakalisa ukungathokizi ngalokhu okwenziwe yilo msakazeli womphakathi.

OLUNYE UDABA:Abalandeli bakaMaskandi batinyele uDJ Tira ngolukaMroza

Abakwa-eNCA banikeze uNgobese ithuba lokuba afike azokwethula izikhalazo zakhe ngalokhu akubona njengokucwaswa kukaMthokozisi.

Njengoba selufikile olwamanqamu, baningi abazobe bethe njo kumabonakude befuna ukuzibonela ngokwabo ukuthi ubani ozophuma phambili.

Ngabe kuzowina uPaxton intokazi esencane edabuka eWestern Cape noma kuzokuba yigeza lensizwa yakwaZulu-Natal uMthokozisi?

class="twitter-tweet" data-lang="en">

Thank you for standing up for #TeamMthokozisi @JacintaNgobese @IdolsSA pic.twitter.com/MWuwm349EP

— Kwazi Mntungwa?? (@Majazi30) November 15, 2017

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...