Kushukume izinkundla zokuxhumana iDistruction Boyz ithola igolide

2017-12-19 14:03

eThekwini -  Bekuyinjabulo yodwa ngoMsombuluko kuzwakala izindaba zokuthi iDistruction Boyz edlala umculo weGqom isidayise yaze yathola igolide.

Leli qembu lomculo linezinyanga ezimbalwa likhiphe icwecwe layo elisihloko sithi Gqom is the future, ngengoba isidayise kahle kangaka.

Leli qembu libabele ezinkundleni zokuxhumana libonga ukwesekwa ngabathandi bomculi walo njengoba selizuze igolide.

OLUNYE UDABA:LALELA: Namuhla sikhumbula iBhova likaDikadika

Enkundleni u-Instagram, iDistruction Boyz ibonge wonke umuntu othenge icwecwe layo kanye nabamaphepha neziteshi ezahlukahlukene ezidlala nezisabalalisa umculo wayo.

Bathi kuyabathokozisa ukuthi nabo bazobalwa nezinye izinkunzi ezizuze lukhulu emculweni.

Ngale kokuthola igolide, leli qembu libheke nokuhlukanisa unyaka njengoba ingoma yalo ethi Omunye Phezu Komunye, iyingxenye yezingoma eziyishumi ezibheke ukuhlukanisa unyaka.


SOUTH AFRICA THIS ONE IS FOR YOU: We are proud to announce that today HISTORY HAS BEEN MADE AGAIN: OUR ALBUM HAS OFFICIALLY BEEN CERTIFIED GOLD???? It has not really sinked in but SOUTH AFRICA WE DID IT, TOGETHER. YOU + GOD + US = WE DID IT???????????????? We'd like to THANK EVERYONE WHO HELPED US REACH THIS MILE STONE AND BREAK THIS RECORD. Social friends, people who bought the album, journalists, media channels, TV, Radio and EVERY SINGLE PERSON WHO CONTRIBUTED TO THIS. THANK YOU!!! Next time you talk about SA records such as; Black Coffee's Africa Rising, Cassper Nyovest's Fill Up Shandis, Trevor Noah occurring America, Black Mambazo's unmatched success... Please don't forget to mention Distruction Boyz & The First Ever Gqom Album to reach Gold babyyyy??????????????????????!!!! #GqomIsTheFuture #DistructiomBoyzGoesGOLD

A post shared by Distruction boyz (@distruction_boyz) on

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...