Kushaqeke abalaleli umsakazo wakuleli udlala ucansi lwangempela emoyeni

2017-08-01 18:00

Cape Town - ISEXWAYISO: NSFW Namanje lisashaqekile iningi labantu bakuleli kulandela isenzo sesiteshi sakuleli, iCliff Central, esisakaze emoyeni ukukhombisa ukuthi owesifazane ufika kanjani kuvuthondaba (orgasm) uma kwenziwa ucansi, nobekuphakathi kukachwepheshe wezocansi, uJonti Searll, kanye nowesifazane owaziwa kuphela ngoGoddess L.

Lesi siqephu sikubonisa ukuthi kwenziwa kanjani sibe sesifakwa ezinkundleni zokuxhumana zeCliff Central ngoMsombuluko, ngomhlaka-31 kuJulayi, nokuwusuku lokufika kuvuthondaba kuleli, iNational Orgasm Day. Lesi siqeshana siphinde safakwa nakwi-website yeCliff Central. – (ISEXWAYISO: NSFW)

OLUNYE UDABA: Nazi ezinye zezizathu ezenza owesifazane angafiki kuvuthondaba

Iziqephu zezempilo kwezocansi zikaSearll zidlala njalo ngoLwesihlanu phakathi kuka-10:00 kanye no-11:00 kwi-Cliff Central uma ngabe sekudlala uhlelo olukhuluma ngezocansi, iSex Talk. Ezinye zeziqephu eziqoshiwe zakhe kanye nozakwabo, uTamar, zingalalelwa lapha.

Abantu baphawule kanje kuTwitter ngemuva kokuthi iCliff Central ifake lesi siqephu socansi kwiTwitter:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...