Kuquleke umlandeli wama-Idols sekumenyezelwa iTop 3

2015-11-09 16:02

Johannesburg – Umlandeli we-Idols SA, uNicky Denga, 32, uthi ukugajwa yimizwa nokhwantalala yikho okudale ukuthi aquleke ePretoria State Theatre ngeSonto ebusuku.

USiphelele Ngcobo nguye okhishiwe kulo mncintiswano wokuvundulula amakhono okucula.

“Inhliziyo ibishaya ngamandla ngesikhathi ngilindele ukuthi kumenyezelwe iTop 3,” kusho uDenga.

OLUNYE UDABA: Owama-Idols ubonakale etetemuka nesinqandamathe sakhe emamatheka

“USiphelele Ngcobo noKarabo Mogane ngibazi kakhulu, ngisondelene nabo futhi. Yikho lokho okudale ukuthi ngiquleke.

“Kuthe uma sengibabona bobabili bemi esteji, ngavele ngagajwa uvalo ngaquleka. Ngigcine kumenyezwa igama likaSiphelele okunye angikubonanga.”

UDenga ube eseveza ukuthi uhamba noKarabo kulo mncintiswano.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...