Kuqubuke impi yangaphakathi oKhozini ngolwengoma ezohlukanisa unyaka

2017-12-19 11:05

eGoli -  Abaphathi bomsakazo uKhozi FM badelele abaphathi abakhulu ngokungalandeli imigomo ababekelwe yona, kubika iSowetanLive.

Lokhu kumayelana nenkontileka eyasayinwa phakathi kwe-SABC kanye nomhleli wengoma ezohlukanisa unyaka u-Owen Ndlovu ngokusebenzisa inombolo ehlukile yokuvota kuna le ebhalwe kwisivumelwano.

Lokhu kungahloniphi kwabo le migomo kungalolela ekutheni uNdlovu angabe esaqhubeka nomcimbi wokuhlukanisa unyaka futhi nomculi ozowina engabe esayithola imiklomelo yakhe.

UNdlovu ukuqinisekisile ukuthi uKhozi FM lozenzela okwalo okuhlukine kunalokhu okuhleliwe njengoba lusebenzisa uhlelo oluhlukile lokuvota nokuyinto engalimaza umcimbi ohleliwe.

OLUNYE UDABA:Ukhozi FM "lulaxaze" umcimbi kaMroza

Yize kunjalo, uNdlovu akafunanga ukuphawula ngokuthi kungenzeka umcimbi ungabe usaqhubeka njengokuhleliwe.

"Kungithusile ukuzwa ukuthi uKhozi FM lusebenzisa uhlelo oluhlukile lokuvota kunalolo olubekelwe yonke imisakazo yakwa-SABC.

Ngizoba nomhlangano nabaphathi bakwa-SABC ukuzama ukuxazulula lolu daba ngoba yibona abanikazi bale nkontileka, hhayi lo msakazo,"kusho yena.

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago uthe bazolubhekisisa lolu daba.

Esinye isisebenzi sakwaSABC esingafunanga igama laso lidalulwe sivumile ukuthi uKhozi lushicilele amagama ezingoma eziyishumi lwatshela abalaleli ukuba bavotele ingoma abayithandayo ngokusebenzisa inombolo ehlukile kunale okwavunyelwana ngayo neesenkontilekeni yabaphathi.

"Lokhu kungukwephula izivumelwano zenkontileka nokwenza kubonakale sengathi uKhozi luyazilawula, luhlezi luphambana nemiyaleli yabaphathi futhi nginesiqiniseko sokuthi akekho ozojeza ngalokhu."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...