Abakwa-SABC badlulise awenduduzo ngokudlula emhlabeni kuka'Paul Moroka'

2018-02-02 07:31

Johannesburg - Imboni yezokulingisa kuleli isiphinde yalahlekelwa ngenye inkakha yezokulingisa uDavid Phetoe odluile emhlabeni eseneminyaka engu-86 ubudala, lokhu kuinisekiswe umengameli wenyunyana iCreative Workers Union of South Africa, uMabutho 'kid' Sithole.

Ngokusho kwaSithole, uPhetoe uphuthunyiswe esibhedlela ezintatha kusa izolo (ngoLwesine) ekhala ngokuphelelwa umoya.

Lesi sihlabani sishonele esibhedlela iChri Baragwanath ngezithuba zabo-07:00 ekuseni.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Lala kahle 'Sdumo' uyibekile induku ebandla

USithole uthe imboni yezokulingisa eNingizimu Afrika ibuhlungu mngokudlula emhlabeni kwale nkakha.

UPhetoe owaziwa kakhulu ngendawo ayeyidlala kuGenerations kaPaul Moroka enguyise kaKarabo Moroka(Connie Ferguson) no-Archie Moroka (Sello Maake Ka Ncube).

UPhetoe wake wadlala nasemdlalweni osayintandokazi yeningi namanje i'Sgudi 'Snaysi ayedlala kuyo noJoe 'Sdumo' Mafela naye osasishiya emdhlabeni. 

Lo mlingisi useke wadlala nakweminye imidlalo okubalwa kuyo Imvelaphi uVelaphi, neGoing Up kanti futhi useke wadlala nakwifilimu iCry, the Beloved Country.

Abakwa-South African Broadcasting Corporation (SABC) bakhiphe isitatimende badlulise amazwi enduduzo emndenini, amangani, izihlobo nabalandeli baPhetoe.

"Unyaka ka-2018 ubukeka sengathi unyaka omnyama embonini yrezokujabulisa eNingizimu Afrika njengoba izakhamuzi sezilahlekelwa enye inkakha yezokulingisa uDavid Phetoe."

 - SowetanLive

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...