Kuqale u-2015 ngibizwa ngesidakwa, ngaphumelela - Zahara

2016-01-04 12:31

Johannesburg – Uma uthi unyaka ka-2015 ubengonzima kuZahara uzobe ungakhulumi iqiniso elimsulwa.

Lesi sihlabani senze konke okusemandleni aso ukuqeda amahlebezi, sagcina sibengomuye wosaziwayo abenzekahle ngo-2015.

Ngesikhathi ekhuluma ngokwenzeka ngonyaka odlule, uthi wacishe wawakholwa amahlebezi, futhi wayesekholwa ukuthi sekuphelile nangaye kwezomculolo.

Funda nalolu daba: Uvele enkantolo usomahlaya ngawokudlwengula

Ebhala kuFacebook muva nje, uZahara uthe: "Ekuqaleni konyaka [ngokusho kwamantu] ngangiyisidakwa, ubuhlungu engangibuzwa ngabudlulisa ngokudlala isiginci. Ngeke ngiqambe amanga ngithi kwakungebuhlungu kodwa engingakusho ukuthi kwangisiza ngasondela kakhulu kuNkulunkulu nasesigincini sami.”

"Kwakuthiwa angisenamali, ngiyadakwa, nginokhwantalala nokunye okuningi. Lokho kwangisiza! Bonke abantu babecabanga ukuthi kuphelile ngami, nami ngakukholwa lokho,”usho kanje.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...