Kuphoxwe uBonang ethi uyaziphendulela ngelokudinga 'umthandazo'

2017-08-31 14:06

Durban - UBonang Matheba uthathele enkundleni yezokuxhumana uTwitter ezama ukuzivikela kulabo abathi yena noBabes Wodumo badinga umthandazo, kubika iCitizen.

Sekuphele amasonto ambalwa le ntokazi iphenduke inhlekisa kule nkundla ngemuva kokukhishwa kwencwadi yakhe eyayingahleli kahle.

Lokhu kwashiya abaningi bekhexile nesitolo esidayisa incwadi saze sayihoxisa sanxusa nalabo abayithengile ukuthi bangayibuyisa bathole izimali zabo.

Ubungakabhulwa kahle umlilo wale ncwadi, njengoba sekuqhamuka uBongekile Simelane odume ngelikaBabes Wodumo efaka isicelo esikhathekile ezinkundleni.

OLUNYE UDABA:Akazisoli nakancane uZodwa wabantu ngokufunza owesimame 'idawa'

NgoLwesibili, uBabes ufake i-video ezinkundleni zokuxhumana ecela usizo kubalandeli bakhe nge-USB emlahlekele kanti inegqomu lengoma entsha.

UBabes ucel ukuba abantu bamthumele i-link yale ngoma ukuze ezokwazi ukuyicisha.

Abantu bathathele ezinkundleni zokuxhumana bethi lezi zintokazi zombili zidinga umthandazo.

UBonang ugadle kwazwela komunye umlandeli othe badinga umthandazo

...you don't have a hit. Or a hot career. Pray for yourself too. ?? https://t.co/M2n1sTmbEY

— Bonang B* Matheba (@bonang_m) August 28, 2017 />

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...