Kuphambane izinkomishi usaziwayo wavezela abalandeli bakhe enza ucansi

2017-10-14 15:02

Cape Town - Usaziwayo uxolisile kulandela ukuthi kuciphizeke ngephutha inkinobho kumakhalekhukhwini wakhe wabe esevela kubalandeli bakhe enza ucansi nesoka lakhe, bukhoma.

Lo saziwayo wodumo luka-Instagram, uKristen Hancher, 18, wase-Ontario, eCanada, unabalandeli abangaphezu kuka-3,4 million ekhasini lakhe ku-Instagram.

Waduma ngemuva kokufaka ama-video akhe elingisa amaculo adumile kwiMucical.ly.

Kuthiwa uHancher ubehlezi nesoka lakhe, u-Andrew Gregory, ngesikhathi kucindezeleka ngephutha inkinobho efonini yakhe kanti itshengisa abalandeli okwenzeka bukhoma, kubika iDaily Mail.

Yize ikhamera ibingabhekile ngakulezi zithandani ngesikhati zenza ucansi, kepha imisindo ebeziyenza ngesikhathi zijabulisana ibizwakala.

Kuthe lo saziwayo esebona ukuthi kwenzeke leli phutha, wabe esexolisa kubalandeli bakhe wathi ubuchwepheshe bunjalo nje - buhle futhi bubi.

“Kulabo ababone i-video yami, ngithanda ukuxolisa; bengingaqondile. Ngiyacela niyicime konke enikuzwile emiqondweni yenu," ebhala ekhasini lakhe lika-Instagram.

??????

A post shared by Kristen Hancher (@kristenhancher) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...