Kunowesifazane othi ukhulelwe ekaDJ Prince Kaybee

2017-03-16 18:06

Johannebsurg - UDJ Prince Kaybee ogama lakhe lokuzalwa nguKabelo Motsamai uchitha izinsolo zowesifazane othi ukhulelwe ingane yakhe.

Kubikwa ukuthi lo wesifazane ufafaza lezi zinsolo ezinkundleni zokuxhumana.

Lo DJ weculo elithi Better Days egcina ukukhuluma wathi usazothi ukuma kancane emculweni njengoba esalulama kulandela ukuhlinzwa izibele.

OLUNYE UDABA: Ungenise kwazwakala uPrince Kaybee

"Angazi lutho ngalezi zinsolo. Ithimba lami lizozibhekisisa lezi zinsolo ezingamampunge ezibhekiswe kimi," usho njalo.

Le nkosi yomculo we-House iphinde yavulela iphephabhuku iDrum isifuba ngesimo sayo sezempilo yathi: "Kwahamba kahle ukuhlinzwa kwami, ngiyelulama. Ngangisuswa amafutha ezibeleni.

"Senginesonto ngahlinzwa. Kudala ngilwa nalesi simo, kusukela ngisemncane. Ngangingakhululeki uma ngikhumula phambi kwezinye izingane.

"Ngokukhuluma ngalesi simo ngiyathemba ukuthi kukhona abazosizakala, abanenkinga efana neyami," kusho lo DJ.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IZITHOMBE: Ngabe usenengoduso uKhune?

Emizuzwini eyi-30 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...