Kuningi okuzofundwa emcimbini wasemtateni i-Durban Port Festival

2017-09-08 18:01

eThekwini – Isifikile impelasonto yomcimbi obhekwe ngabomvu eThekwini, i-Durban Port Festival.

Lo mcimbi oyingxenye yeThekwini Port Festicali uzothatha izinsuku ezimbili (uMgqibelo neSonto) uzokhangisa imidlalo eyahlukene, ifundise abantu ngemisebenzi eminingi yasemanzini kuphinde kujuxuzwe.

Umphathi uMoses Motlohi uthe abantu bazofunda lukhulu ngezinto zasemanzini ikakhulukazi labo abanentshisekelo yokwenza izifundo zeMaritime.

"Inhlosongqangi yethu wukuheha abantu ukuba bafunde ngakho konke okwenzeka olwandle futhi nentsha ithole amathuba amahle okuzithuthukisa, ikakhulukazi labo abasebancane abangakazi ukuthi bafuna ukufundelani,” kusho uMotlohi.

Lo mcimbi uyingxenye yemizamo yeTransnet National Ports Authority (TNPA) yokuheha imiphakathi futhi bakhuthazeke ukuba bazibandakanye  kwezokuvakasha, ezokungcebeleka, amathuba emisebenzi kanye namathuba amahle amabhizinisi.

Ngale kokukhangisa ngemisebenzi, kuzobe kunemidlalo ezokwenziwa njengalowo othandwa kakhulu nokunguncintisana ngokudoba.

Lo mncintiswano uzoqala ekuseni ngo-06:00 kuze kushaye ihora lokuqala ngoMgqibelo, khona emtateni.

OLUNYE UDABA:Umcimbi wokuthuthukisa izilimi zomdabu

Lo mncintiswano uhlelwe ngokubambisana nabeKwaZulu-Natal Subsistence Fishermen Forum Forum (KZNSFF).

Eminye imidlalo ezodlalwe yi-jet skiing, umjaho we-Cardboard Boat nokuyinto ezokwenziwa ngabafundi benyuvesi i-DUT kuphinde kube neTug Boat Display, ezokwenziwa ngoMgqibelo nangeSonto.

Kuzobe kungewona umcimbi ophelele ngaphandle kosaziwayo baseThekwini abazoshukumisa inkundla bajabulise abantu abazobe bekhona.

Umdlalo omkhulu okuyiwona okulindeleke ukuba uhehe abantu abaningi ozohanjelwa osaziwayo abazobe bezijuxuza khona.

Abaculi abafana no-Amanda Black, Nasty C, Afro-soul sensation, DJ Thukzin no-DJ Nivaadh bazobe beshiyelana inkundla.

Amathikithi asatholakala ngo-R30 kubantu abadala kanye no-R10 ezinganeni ezingaphansi kweminyaka engu-16 ubudala, e-Computicket noma esangweni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...