Kumiswe umsakazi woKhozi okhulume 'elokudliwa' emoyeni

2016-03-03 10:46

Johannesburg - Umisiwe umsakazi woKhozi FM osolwa ngokuhlambalaza emoyeni, okunezinsolo zokuthi usebenzise igama eliqosheme nelingamukelekile.

Kubikwa ukuthi abaphathi bomsakazo bathathe lesi sinqumo sokumisa uZama Ngcobo ngoba ehlambalaze isiteshi ngokusebenzisa igama elingamukelekile, kubika iphephandaba iLANGA.

Imibiko ithi uZama - osakaza ohlelweni lwasekuseni iVuka Mzansi – umiswe ngoLwesibili ngemuva kokuba esebenzise igama elithi ‘ukudliwa’, okuyigama okubukeka sengathi izikhulu zilithathe njengegama eliyinhlamba nelingamukelekile.

Kubikwa ukuthi kulolu hlelo bekukhulunywa ngesihloko esithinta ilobolo, bebuza ukuthi liyabuya yini uma usuhlukene nomuntu obuthandana naye.

Funda nalolu daba: Naso lesosinqe somlingisi

Kuthiwa uZama uphawule emoyeni wathi yena akayiboni eyokubuya kwelobolo ekubeni usudliwe, wadliwa, wadliwa.

Lo msakazi ziqinisle izinsolo zokuthi ngempela umisiwe njengoba engezwakalanga nangoLwesithathu emsakazweni kanjalo nanamhlanje ngoLwesine ekuseni ubengekho emoyeni.

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago ukuqinisekisile ukumiswa kwalo msakazi ngenxa yenkulumo yakhe engamukelekile emoyeni, ngokombiko wephephandaba.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...