Kumiswe uhlelo lwezobumnandi oseludlale iminyaka engu-8 ku-DStv

2017-06-29 11:00

Cape Town – Uhlelo oluyintandokazi olugxile entsheni noludlala maphakathi nezinsuku kuVuzu Amp (DStv 103), iV-Entertainment, “luya ekhefini”.

I-V-Entertainment, nedidiyelwa i-Don't Look Down Productions, njengohlelo lwaseNingizimu Afrika lwempilo yabantu abasha olususelwe kwi-E! News, lwasimamisa abethuli bezinhlelo abafana noLalla Hirayama, lwaphinde lwanikeza namathuba kubethuli bezinhlelo abafana noNonhle Thema, uSiya Ngwekazi, uDineo Moeketsi, uDenise Zimba kanye noShelton Forbez.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ukhale izinyembezi usaziwayo ethula okokugcina uhlelo lukamabonakude

U-M-Net utshele iChannel24 ngoLwesithathu ukuthi iV-Entertainment ayinqanyulwanga. Kodwa-ke lolu hlelo angeke lusaba semoyeni ngemuva kweminyaka engu-8 njengoba luzothatha ikhefu, esikhundleni sokuthi luqhubeke lube semoyeni ngesikhathi lusahlelwa kabusha.

I-V-Entertainment izovala ngesiqephu “esiyisipesheli” esizothatha ihora lonke ngoLwesihlanu, mhlaka-30 Juni ngo-18:00.

Ngokusho kwemithombo engaphakathi, iV-Entertainment maningi amathuba okuthi ishaye ibuya isiyisiqephu esingena kanye ngesonto kusukela ngo-Agasti kodwa nakanjani angeke ibuye isadlala njalo maphakathi nezinsuku.

Lolu hlelo obeludlala kwiVuzu Amp kanye neVuzu maningi amathuba okuthi lugcine sekuwuhlelo oludlala kwi-Vuzu Amp kuphela.

Oyi-Director of Local Entertainment Channels kwa-M-Net, uReneilwe Sema, uthi iV-Entertainment yenza okwakungale kwalokho okujwayelekile ngenkathi yethula ithalente elisha kubabukeli bayo.

“Usiko lwezobumnandi luhlale luguquguquka futhi kumele sitshintshe kanye nalo.”

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-27°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-25°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. PE: 19-26°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...