Kumenyezelwe umethuli omusha we-OPW

2017-03-19 17:31

Johannesburg - Usezobangumethuli wohlelo oluyintandokazi kuleli i-Our Perfect Wedding, umlingisi osezakhele udumo ngokudlala izindawo ezithandekayo futhi ezihlekisayo kumabonakude, uNomsa Buthelezi.

UNomsa Buthelezi obedlala indawo kaSlender kuLockdown uzothatha indawo kaThembisa Mdoda o, kusukela ngoMeyi 2017 amasonto angu-13, uThembisa esathathe ikhefu.

OLUNYE UDABA: Ubuyela emsebenzini obethathe ikhefu ku-OPW

Nomsa uthe ujabulile kodwa futhi uthukile. Lo umsebenzi omkhulu ngoba iNingizimu Afrika iluthanda kakhulu lolu hlelo futhi iyathanda nokubeka imbono yayo ngalo.

I-Our Perfect Wedding itshengisa njalo ngamaSonto kuMzansi Magic ngo-19:00.

 - SASoapies

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...