Kulindeleke avele enkantolo uMthokozisi wodumo lwama-Idols

2017-12-03 14:06

Durban - Lowo owakhala ngaphansi kuma-Idols uMthokozisi Ndaba ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngasekuqaleni kwaleli sonto wabe esededelwa ngesexwayiso, kusho umbiko.

Lokhu kulandela ukuvela kwezinsolo ezithi uNdaba washaya owesifazane ogama lakhe nguNeo Tsele eGoli ngoMgqibelo owedlule.

Kuthiwa uNdaba zamkhalela ngoLwesine ebusuku wabe esededelwa ngoLwesihlanu, kubika iSunday Tribune.

Ngokwaleli phephandaba, uSergeant Mduduzi Zondo, okhulumela amaphoyisa aseHillbrow, uthe uNdaba uzovela enkantolo ngoMsombuluko ngecala lokushaya ngamaqupha waphinde wagqimuza ezindongeni owesifazane oneminyaka engu-21 ubudala eflethini eliseBraamfontein.

Ngesonto eledlule, uNdaba, 25, wathi unqume ukubuyela eGoli wanxusa abantu ukuba bangamhlaseli uTsele ngoba "asazi ukuthi yini inkinga okungenzeka ukuthi ubambene nayo".

OLUNYE UDABA: Ohlulwe kuma-Idols akakakulungeli ukukhuluma nabezindaba, uthola usizo

"Kulandela ukuvela kwezinsolo zakamuva kanye necala engivulelwe lona, senginqume ukubuyela eGoli ukuze ngisebenzisane namaphoyisa mayelana nalolu daba. Yize lezi zinsolo zingiphazamisile futhi zangibeka kabi siqu sami, ithalente engalinikwa wuMdali, abangani nomndeni, kepha ngiyacela ukuba kudedelwe umthetho udlale indima yawo," kufundeka isitatimende asikhipha ngesonto elifile.

Unxuse abalandeli bakhe okuyiTeamMthokozisi ukuba "bangamhlaseli lo wesifazane omvulele icala ezinkundleni zokuxhumana. Asazi ukuthi iyiphi inkinga abhekene nayo".



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...