Kuhlonishwe izinkunzi zikaMaskandi esezalala kowama-Satma

2017-10-01 13:35

Durban - Kuhlonishwe abaculi abanomlando omuhle ngikucula ngolimi lwesintu emcimbini wamaSatma obubanjelwe eMmabatho Convention Centre, eMahikeng, ngoMgqibelo ebusuku.

Ethula inkulumo yakhe, umsunguli wamaSatma Awards uDumisani Goba uthe bakhethe abaculi abahlonishwa kakhulu ngamagalelo abo emculweni wesintu.

"Abantu abaningi abazi ukuthi u-OR Tambo ubengumculi, silapha nje sizohlonipha yena namanye amaqhawe omculo wesintu ngamagalelo awo," kusho yena.

Abanye abaculi abathole lezi zindondo kubalwa izinkunzi zikaMaskandi uKhulekani "Mgqumeni" Khumalo noMtshengiseni "Indidane" Gcwensa.

Yize bobabili laba baculi bengasekho emhlabeni, imisebenzi yabo isanconywa nanamuhla. 

OLUNYE UDABA: Uqale kahle owamaSatma Awards

Indondo kaMgqumeni ithathwe ngabafana abaculayo abaziwa ngokuthi aBafana bakaMgqumeni abathi baqhubeka la agcina khona ukuze bagcine futhi bahloniphe umlando wakhe. 

Laba baculi bagibele esiteji bavumisa iNgoma yeBhova ngaphambi kokuba bamukele le ndondo babonga nokuhlonishwa kwakhe.

Indondo yeNdidane yamukelwe yindodana yakhe uZama Gcwensa ihambisana nabalandeli baMageza Amahle nabo bancoma lo mcimbi ngokuhlonipha iqhawe labo.

Abanye abaculi abathole le ndondo Amahhotela Queens, Zakhe Kunene, Shwi Nomtekhala, Stompie Mavi, Sithembiso Mroza Fakude, Busi Mhlongo, Sipho Hotstix Mabuse, Grace Masuku noJabulani "HHP" Tsambo.

Abanye babaculi abawinile ezigabeni ebezibhekwe ngabomvu yilaba:

Best male - Majotha

Best female  - Buselaphi 

Best Afro-Soul - Bheki Nqoko (Made in Ntuzuma)

Best African jazz song - Azza

Imbongi ehamba phambili - MaGcwabe (Imbongi).

Isicathamiya/acappela - The Legacy 

Umsakazi obashaye emakhanda - Bongani Mahlangu iKwekwezi FM

Umsakazi ovelile emsakazweni womphakathi - Siyaxola Sobantu zibonele FM

UMnyango ezobuciko namaSiko ohamba phambili - Mpumalanga

Best Cultural Print Media Journalist, Lulamile Feni (Daily Dispatch)

Intatheli yakumabonakude ehamba phambili - Zimkitha Maqinana (SABC Eastern Cape)

UMsakazo ohamba phambili - Ligwalagwala

Uhlelo lomsakazo oluhamba phambili - Ligwalagwala FM (Leswuka Lutfuli)

UMaskandi - Amageza Amahle

Ingoma yonyaka ehambe phambili - akuwona umuthi umuntu (Izindlovukazi ZikaMageba)

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...