Kuhlelwa umcimbi wokukhumbula kanye nokubungaza uBob Marley eThekwini

2018-02-01 18:01

eThekwini - Kuzobungazwa impilo kanye nomculo walolo owayeyinkakha yomculi we-Reggae, osahlonishwa umhlaba wonke uBob Marley.

Umcimbi owaziwa ngokuthi yiBob Marley Earth Day Festival uvame ukwenziwa minyaka yonke endaweni yokungcebeleka iWahooz eShaka Marine World eThekwini.

Kulo nyaka kuzobe kugujwa iminyaka eyishumi kwasungulwa lo mcimbi odume ngokuqhakambisa umculo we-Reggaeoba minyaka yonke e-Ushaka Marine World’s Wahooz,  owaziwa ngele-Bob Marley Earth Day Festival.

Uzobe ubungaza iminyaka eli-10 wasungulwa, kuzobe kudlalwa izingoma zaleli qhawe ezithandwa kakhulu njenge-“I shot the Sherriff”, “No Woman No Cry”, “Is this love” kanye nezinye.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kuchazeke abaningi uRihanna eshaya iGwara Gwara

Lo mcimbi waba nesasasa elikhulu kakhulu ngonyaka ophelile njengoba babebaningi kakhulu abantu abebewuhambele.

Abahleli bawo banethemba lokuthi kulo nyaka, izinga lizonyuka kakhulu, kubaculi abazobe benandisa.

Abaculi abamenyiwe kulo mcimbi kubalwa i-The Menditators,Undivided Roots,Rasta Riddims,Holy Fire,Sizwe Zakwe nabanye.

Amathikithi okungena azobiza uR50 kanti azotholakala eShaka Marine Ticket Office.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...