Kuhlekiswe ngoKhune njengoba esezoshada uMinnie

2017-09-13 19:29

Johannesburg - Sekuphele iminyaka selokhu umethuli wezinhlelo zezemidlalo kuleli, uMinnie Dlamini nonozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, bahlukana kodwa izakhamuzi zakuleli azibukhohlwa ubudlelwano babo.

Lokhu kwenzeka ngisho nangemuva kokuba uMinnie eseqhubekile nempilo yakhe waze wathola umyeni.

Izolo (ngoLwesibili), uMinnie ufake i-video etshengisa amazwsibela ohlelo oluzotshengisa kumabonakude maduze, oluzobe luveza ukusuka nokuhlala komshado wakhe, iBecoming Mrs Jones, enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.

Lolu hlelo lukaMinnie luzotshengisa ku-Vuzu Amp 114, ku-Dstv maduze.

Lesi sihlabani sizoshada umshado omhlophe nomyeni waso, uQuinton Jones, ngoMgqibelo, ngomhlaka-16 Septhemba, eKapa.

 - INSTAGRAM:

Coming soon... #BecomingMrsJones ?? Happy Birthday my love ????@vuzutv

A post shared by Minnie (@minniedlamini) on

Nakhu okushiwo abantu ngoKhune njengoba kuzobe kushada uMinnie ngoMgqibelo.

 - Twitter:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...