Kuhlehle ukukhishwa kwe-video yeDistruction Boyz ngenxa kaKhanyi Mbau

2017-12-04 09:32

eThekwini - Kubambezele ukukhishwa kwe-video ebhekwe ngabomvu ye-Distruction Boys ngenxa kanontandakubukwa wakuleli uKhanyi Mbau, kubika iSowetanLive.

Izinsolo zithi uMbau ubekhalaza ngokuthi ubukeka amnyama kakhulu kule video esanda kuqoshwa yeculo elishisa izikhotha, Omunye phezu komunye.

IDistruction Boys ikhiphe isitatimende enkundleni uFacebook ixolisa kubalandeli bayo ngokubambezeleka kwe-video yabo futhi yachaza ngesizathu sokubambezeleka.

OLUNYE UDABA:BUKA: UCassper Nyovest uthi umthanda ekude naye nomcimbi wakhe u-AKA

“UKhanyi Mbau ube nezikhalazo ngokuthi akabukeki ngendlela ayiyo. Uthi ubukeka emnyama kakhulu kanti lokhu akuhambasani naye nabaxhasi bakhe abaxhasa indlela abukeka ngayo,”kusho bona.

Yize kunjalo, abantu abayizwa kahle le ncazelo futhi bacabanga ukuthi laba bafuna ukubukwa balokhu belindiwe ukuze bayikhiphe le video abantu sebeyilambele ngempela.

Umphathi weDistruction Boys uthe uKhanyi udlala indima ebalulekile kule video ngakho-ke kubalulekile ukuba konke kwenziwe njengokwezifiso zakhe.

"Uvela ezindaweni ezibalulekile futhi ukulahlekelwa wuyena kungasinika inkinga ngoba kumele siguqule izinto eziningi. Yisiphi isizathu esingasenza ukuba sidlale ngabantu ngoba sifuna ukubukwa ekubeni longoma ishisa kangaka futhi ithandwa yibo bonke abantu. Sisalungisa lokhu okumele sikulungise ukuze sijabulise bonke abantu,"kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...