Kugxekwe uZodwa Wabantu ngolimi oluqosheme

2018-01-09 07:31

Johannesburg - Isikhulu sesitebele i-Afrotainment uMthokozisi "DJ Tira" Khathi sesibhule umlilo ngemuva kokugxekwa kukaZodwa Wabantu ezinkundleni zokuxhumana ngendlela akhuluma ngayo.

UZodwa uzifake obishini ngemuva kokusabalalisa i-video yakhe adlulisa kuyo inkulumo ezinkundleni zokuxhumana ngamaholidi kaKhisimusi.

Kwi-video uZodwa utshela abantu besifazane ukuthi kufanele basebenzise imizimba yabo ukuthola imali.

"Amadoda asithanda sinje, sinqunu, senza ucansi ebusuku futhi simnandi!. Sebenzisa i** yakho. Lokhu kungamandla akho. Ngichaze ukuthi, angikwazi nokudansa kodwa ngithola imali engu-R35 000 uma ngiqashiwe. Ngakho-ke zi**** ezinye, ibani inina, ningashintshi...," kusho uZodwa.

Ngemuva kokuthola inqwaba yezikhalo, uTira ubize umhlangano noZodwa ukudingida ngenqubekela phambili.

"Siqeda ukuba nomhlangano omncane ngoba sesizizwile izikhalo zenu, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, ukuthi uZodwa unolimi oluqosheme."

UTira uthe unethemba lokuthi uZodwa uzoshintsha indlela akhuluma ngayo okanye akukhulumayo kube yinto eyakhayo.

"Ngo-2018 uZodwa Wabantu uzoshintsha ulimi kodwa angeke ngishintshe, usazothola yena loZodwa omaziyo, akayindawo. Nisazomubona komabonakude benu, ngiyabonga kakhulu ngothando nokungeseka kwenu. Ngiyazi ukuthi ngiveza ngendlela ehlukile kodwa ngiyabonga kakhulu," kusho uZodwa.

Nakuba uZodwa engenawo amahloni ngezinkulumo zakhe kodwa uzwakale ewumuntu ozisolayo ngale video yakamuva.

UZodwa ngaphambilini watshela iTshisaLive ukuthi ukhululekile ukusho noma yini ngoba akekho ongaphezu kwakhe.

 - Facebook:

 - Instagram:

@zodwalibram #ZodwaWabantuMeeting

A post shared by djtira (@djtira) on

 - Twitter:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...