Kugqekezwe emzini ka-DJ Ganyani eRooderpoort - Umbiko

2016-04-12 11:30

Rooderpoort – UDJ Ganyani uthi usabela umndeni wakhe ngemuva kokugqekezwa emzini kwisithabathaba somuzi wakhe, kubika iSundayworld.

Kuthiwa izigebengu ziphule umnyango ukuzi zikwazi ukungena emzini walo DJ oweHelderkruin eRoodepoort.

 Phakathi kwezinto ezitshontshiwe kuthathwe nomabonakude, kanti omunye womakhelwane ushayele amaphoyisa ebuna umabonakude ngakweminye imizi khona kule ndawo.

OLUNYE UDABA:Kumhambela kahle uDJ Ganyani kwezomculo

Yize engafunanga igama lakhe lidalulwe, lo makhelwane uthe ubone owesilisa ediliza umabonakude kwimoto yohlobo lwe-Run X ephuzi ngombala.

"Amaphoyisa abambe lo mlisa ethu uyahamba wawatshela ukuthi lo mabonakude usale kubanye abantu abebegibele kuyo le moto,”kusho umakhelwane.

Ekhuluma nabezindaba Udj Ganyani uthe: “Nginokwesaba ngokuvikeleka komndeni wami kodwa akukho okutheni engingakusho okwamanje ngoba lolu daba lusemaphoyiseni.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 7-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...