Kufanele akhiphe iqiniso unkosikazi kaGunman - Umndeni

2017-06-22 16:00

Johannesburg - Umndeni womlingisi ongasekho emhlabeni uChristopher "Gunman" Kubheka usola unkosikazi wakhe uCynthia Khumalo, ngokuthi nguye owazi lukhulu ngokushona komyeni wakhe kunalokhu akushoyo.

Lo mndeni uthi ukuthola kusolisa ukuthi uGunman ubengazibulala ekubeni ebephezu kwamalungiselelo okushiya umuzi abehlalakuwo nonkosikazi oseSoshanguve, eThswane.

U-anti wakhe, uBusi Kgaswane, kubikwa ukuthi utshele iphephandaba iDaily Sun ukuthi uGunman uchithe isikhathi esingangesonto, ehlezi kubo ngaphambi kokushona, ethi ubesezipakishile izimpahla zakhe, esekulungele ukuhamba emzini wakhe.

"Yonke le nto ayihlangani nje. UKhumalo kufanele akhiphe iqiniso ngokwenzeka," kusho uKgaswane.

UKhumalo usolwa ngokuhlukumeza umyeni wakhe.

UGunman watholwa eyisidumbu emzini wakhe, ezilengisile.

Olunye udaba olwenze umndeni ubenezinsolo wukuthi uKhumalo usolwa ngokushintshab inkulumo kaningi uma ekhuluma ngokwenzeka.

Kubikwa ukuthi waqale wathi uzibulele ngenxa kamakhwapheni wakhe wabuye washintsha futhi wathi ubenezinkinga zokondla izingane zakhe eziningi, waphinde wathi ubenokhwantalala ngoba ephoxwe umngani wakhe.

Indodana yakhe, uNkosana, ikuphikisile okushiwo wuKhumalo, yathi uyise ubengeke azibulalele izinto ezifana nalezi. Empeleni, ubenayo imali ngoba ubeyithola ebhizinisini lakhe.

UKhumalo, yize kunjalo, uziphikisile izinsolo zomndeni, wathi yena akakaze ambeke uGunman isandla. Empeleni uthe "bebengeve bethandana".

Uthe uGunman ubethuthela kubo ngoba bekukhona umdlalo azobe ekuwo obuqoshelwa ngakubo. Umndeni uthe kufanele uyeke ukusola yena.

"Angeke kusisize ngalutho. UGunman nguye yedwa owaziyo ukuthi ukwenzeleni akwenzile. Myekeni alale ngoxolo," esho.

 - The Citizen

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...