Kudlule emhlabeni inkakha yomculi wakuleli

2017-07-12 08:50

Cape Town – Inhlangano yezokusakaza kuleli, iSABC, ngoLwesithathu ekuseni ibike ukuthi inkakha yomculi wakuleli weJazz, uRay Phiri, akasekho emhlabeni.

Lo mculi obeneminyaka engu-70 ubudala ubephethwe yisifo somdlavuza wamaphaphu kanti ubesenda kungeniswa esibhedlela esiseNelspruit, eMpumalanga.

Engxoxweni aba nayo nephephandaba iSowetan ngaphambilini kule nyanga uPhiri wacela ukuthi anikwe isikhala kanye nethuba lokuba angabi semehlweni omphakathi ngesikhathi esagula. Watshela leli phephandaba: “Ngivumele ngihlukumezeke [ngokuthula] ngobuhlungu [bami], ngokwami nesithunzi sami.”

OLUNYE UDABA: Ushone ekhala ngokuxakeka uGunman

UPhiri – nobengumculi we-jazz, i-fusion kanye nombaqanga – wazalwa ngomhlaka-23 Mashi 1947 eduze naseNelspruit, eMpumalanga. Waba ngumsunguli weqembu lomculo, iCannibals ngeminyaka yabo-1970. Ngokuhamba kwesikhathi, amaCannibals akhula aze agcina esezishintshe igama aba iStimela, nokugcine sekuyiqembu elikhulu le-Afro-fusion.

Unkosikazi kaPhiri, uDaphney, washona engozini yemoto emgwaqeni waseMpumalanga oqhelile ngonyaka ka-2003 ngesikhathi kugingqika imoto ababehamba ngayo. UPhiri walimala kanzima emqaleni.

Lena kwakungesiyona ingozi yokuqala yalaba bobabili. UDaphney wangeniswa esibhedlela ngesikhathi imoto yalo mndeni yohlobo lweVolvo ishayisana nenye eNelspruit ngonyaka ka-2002. UPhiri naye walimala kanzima ngonyaka ka-1987 engozini yemoto eyadlula nowayengumphathi weqembu lakhe lomculo kanye nabanye abayisithupha. Le ngozi yamhlukumeza kakhulu uPhiri kangangokuthi waze wabuyela emculweni ngemuva kweminyaka engu-11, ngokubika kweCity Press

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...