Kudideke abaningi ngeye-Afro-Athleisure kowamahhashi

2017-07-12 12:32

Durban - Kuvele kwadideka abantu ngesikhathi bezwa ngokuthi isiqubulo sakulo nyaka sefeshini emjahweni i-Dundee July, sithi, Afro-Athleisure.

Abe-KZN Fashion Council bazamile ukuhlahluba lesi siqubulo esingenhla ukuze abantu bacaciseleke ngokuthi yini i-Afro-Athleisure.

Ngokusho kwalo mkhandlu, i-Athleisure yisona sitayela esidlisayo okwamanje kwezefeshini emhlabeni wonke jikelele.

Lesi sitayela sihlanganisa ukugqoka izimpahla okungathi ngezokuzivocavoca kodwa-ke ube sesitayeleni futhi uphole.

OLUNYE UDABA:Abahleli beDundee July bathembisa lukhulu kulo nyaka

Ngalesi siqubulo, kulindeleke ukuba abasiki bengqephu abasebasha benze ezibukwayo ngemisiko yabo abazobe beyikhangisa kulo mjaho wamahhashi.

Ngokusho kukaXolani Zulu onguMqondisi-Jikelele walo mkhandlu, isiqubulo sakulo nyaka asenzelwanga lo mjaho waseDundee kuphela kodwa sizungeza yonke imicimbi yemijaho yamahhashi komasipala basemakhaya.

Ngokusho kukaZulu, leli yithuba labasiki bengqephu abasuka ezikhungweni ezizobamba iqhaza kuyo yonke le mijaho ukuthi bazibonakalise futhi batshengise indlela abacabanga ngayo ngokwemisebenzi yabo.

UZulu uthi imicimbi efana nalena inika abasiki bengqephu amathuba amahle okukhangisa ngemisebenzi yabo, baphinde bazakhele igama emiphakathini abakhangisa kuyo.

Uthi uhlelo lokukhangisa ngengqephu kulo mjaho luzoqala ngoLwesihlanu emini lapho abasiki bengqephu kanye nabakhangisi bezobe belinganisa kahle izimpahla behlela nokuthi kuzokwenziwani uma sekuqale umjaho.

NgoMgqibelo, ukukhangiswa kwengqephu kuzoqala ngehora lokuqala nokuyilapho okuzokhethwa khona abaphume phambili ngokudla isitayela kanye nomthungi oshaye into eseqophelweni eliphezulu ngokuhambisana nesiqubulo sakulo nyaka.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...