Kudala ngaba neshanda - Somizi

2017-06-20 16:01

Johannebsurg - Umlingisi ophinde abengumsakazi uSomzi "SomGaga" Mhlongo waphenduka undabamlonyeni kulandela umcimbi wama-South African Music Awards (Sama) owawuseSun City, eNorth West, ngenyanga edlule ayewuphethe noTumi Morake.

Kulo mcimbi uSomizi wayebukisa ngengqephu njengoba ashintsha izikhawu ezingu-8 kanti abaningi abanakile ukuswenka kwakhe, banake ishanda elalisesiphundu.

Isithombe sikaSomizi esathwetshulwa esabheke le sasabalala ezinkundleni zokuxhumana, kuhlekiswa ngaye.

OLUNYE UDABA:USomizi uthi useyayehla inqola yokuphatha ama-SAMA

Kwaphela izinsuku ezimbalwa uSomizi engaphawuli ngalesi sithombe esiveza ishanda ekhanda kodwa ezinsukwini ezimbalwa ezedlule uSomizi uchazile ngaleli shanda.

USomizi ufake isithombe enkundleni yezokuxhumana i-Instagram echaza ngokuthi walithola kanjani leli shanda.

"Uma kuwukuthi ubuke umdlalo ojwayele ukudlala minyaka yonke kumabonakude ngoSoku lweNtsha iSarafina, wumise umdlalo bese ubuyela emuva kancane, uzobona ukuthi kudala ngaba naleli shanda.

"Ngalithola ngokulimala ekhanda ngisewumfanyana. Anginazo izinkinga zezinwele. Black Twitter nizofa yazi," kuchaza uSomizi.

 - IZITHOMBE:

somizi_patch.original

 - Drum

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...