Kubulawe amalungu amathathu eqembu likamaskandi

2016-07-05 13:32

Johannesburg – Iphethe ngokuchitheka kwegazi ngempelasonto impi yamaqembu amabili kamaskandi okuthiwa sekunesikhathi ebhekene ngeziqu zamehlo.

Kulesi sigameko kugwazwe amalungu amathathu eqembu aBafana BakaMolo – oMxolisi Hlabeni, Lebohang Dlamini noLehlohonolo Mofokeng, kubika iDaily Sun.

Laba bashone ngemuva kokuqubuka kwempi kwifestiveli ebiseKurhuleni, kanti laba abasindile bebengekho emcimbini.

Leli qembu lasungulwa yinkakha engasekho uBhekumuzi Luthuli.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni umculi kaMaskandi wodumo

Umholi waleli qembu uXolani Mkhize uthi bekubangwa ingoma: “Abashonile bagwazwe bezama ukubaleka. Sengisabela ukuthi neyami impilo isengcupheni ngoba kuyacaca ukuthi ngisinde ngoba bengingekho kulo mcimbi.”

Okhulumela amaphoyisa uColonel Lungelo Dlamini akatholakalanga ukuba aphawule.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...