Kubikwa ukuthi uyashadelwa oweMuvhango ngenyanga ezayo

2016-11-29 10:01

Johannesburg - Osebenza ka-SABC upotshozele iphephabhuku iDrum ukuthi umlingisi womdlalo wakumabonakude, iMuvhango, uDingaan Mokebe uzobopha ifindo likasofa silahlane nentombi yakhe yeminyaka emihlanu, ngomhlaka-3 Disemba 2016.

Lo mlingisi, odlala indawo kaJames Motsamai kulo mdlalo, waphenduka umuntu omubi kulandela imibiko emayelana nokuhlukumeza owayeyintombi yakhe uTsholo Matshaba, owayenguMeme.

Kwaphinda kwathiwa uDingaan waxoshwa kwi-Speak Out etshengisa ku-SABC2 ngezinsolo zokungaboni ngasolinye nabaphathi ngeholo lakhe.

UDingaan wazichitha lezi zinsolo.

OLUNYE UDABA:OweMuvhango ukhathele impatho yabakwaSpeak Out

UDingaan uthi yonke le mibiko icekele phansi igama lakhe.

"Konke okubhalwe ngami kuyohlala kwi-internet unomphela kanti uma indodana yami isikhulile, iyowafunda wonke la manga abhalwe ngoyise," kusho uDingaan obethukuthele.

Ngesikhathi lo mlingisi ebuzwa ngokushada uvele wavuka umbhejezane.

"Angeke ngisho lutho. Mhla ngishada, angeke nginazise futhi ngeke nginimeme.

"Ngisho kungathiwa ngiyashada, ngiyoqasha onogada ukuthi baqaphe, bavimbe abangamenyiwe, ikakhulukazi abephephabhuku iDrum."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...