Kubikwa ukuthi akamuhle empilweni umculi weKwaito

2017-07-02 13:00

Johannesburg - INdlovukazi yomculo weKwito, uMshoza, kusolwa ukuthi uphuma uyangena esibhedlela.

Umthombo osondelene nalo mculi, uthi "UMshoza ogamalakhe nguNomasonto Maswanganyi, uyagula, unokukhwantalala.

Lesi sihlabani sisazilele umama waso odlule emhlabeni ngenxa yenkinga emaphashini nasenhlizweni.

OLUNYE UDABA:Seligcine limbhekile elakubo uMshoza

UMshoza ubehlezi exoxa ngokugula kuka mama wakhe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Umthombo utshele iSunday Sun ukuthi: "Kamuva nje ubebhekene nobunzima kanti ukudlula kuka mama wakhe yikho "okumshaye" kakhulu.

Lo mculi weculo Abantu Bam kuthiwa silokhu siphuma singena esibhedlela iMilpark, eParktown, eGoli, kanti sesize sakhansela eminye imicimbi ngenxa yesimo saso sempilo esingesihle.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...