'Kubeka impilo yami engozini ukuba uSkolopad'

2017-11-03 12:35

Johannesburg - UNonhlanhla "Skolopad" Qwabe uthi usehlalele ovalweni kulandela izinsolo zokuvakashelwa abantu angabazi emzini wakhe nokusatshiswa akuthola emsebenzini.

USkolopad utshele iTshisaLive ukuthi akasazizwa ephephile kulandela lezi zigemegeme ezimbalwa zakamuva.

"Ngicabanga ukuthi ngibone manje ukuthi isimo sibucayi kangaka. Akusesikho emsebenzini kuphela lapho engikhathazeka khona ngempilo yami, kepha kwenzeka esifanayo nakwami.

"Sekunabantu abavele bafike emzini wami ngezikhathi ezingaqondakali, angisazizwa ngiphephile. Okunye futhi angisathembi muntu emsebenzini, isimo asisihle neze."

OLUNYE UDABA:Ukuphoxeka kuSkolopad ngenxa yokukhalaza kwabaphathi ngobunqunu bakhe

USkolopad, owaduma ngemuva kwama-Metro FM Awards ekuqaleni konyaka efake ingubo ephuzi eveza umzimba, uthe ubengacabangi ukuthi udumo lwakhe lungamenza azizwe engaphephile.

Lo mhlengikazi ukuchazile ukuthi usecele abaphathi bakhe emsebenzini ukuba bamsize ngokuqhubeka nezifundo zakhe ngonyaka ozayo, okuyinto engamsiza ekutheni akwazi ukuthola indawo entsha ngethemba lokuthi abantu angeke bamubone.

Lo nontandakubukwa udume kakhulu ngokugqoka izinto eziveza umzimba, kanti uthi akanayo nencane indaba nabantu abamgxekayo ngoba yena uziphilela impilo yakhe.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...