Izosakazwa bukhona kuSABC 1, uKhozi FM nakuMetro FM iLast Dance Festival

2017-12-28 14:47

eThekwini - Kuzobe kuboshelwe ngosomahlaya abathandwa kakhulu bakwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe kuleli. 

Le ndumezulu yomcimbi iqala ngohlelo lwamahlaya ehholweni iMbizo eMpangeni ngoLwesihlanu mhlaka 30 kwephezulu.

Umhleli walo mcimbi uSipho Ndaba uthe: “ILast Dance Music uthi lo mcimbi ukhula unyaka nonyaka.

Waqala ngohlelo lomculo kuphela kodwa ngokuhamba kwesikhathi sabona kukuhle nokuvulela osomahlaya benze abadume ngakho ngohlelo lwabo bodwa noluyilona olwendlalela lomcimbi.

Osomahlaya abamenyiwe kubalwa uTrevor Gumbi, Siya B, Flymotion, Siyanda Maphumulo, Justice Kubheka, Qatha, Nonto R, Mangaliso, Gqonqa.

OLUNYE UDABA: OweDurban Braai Day ubophele umculo waphesheya

UNdaba uqhubeke wathi kuzovulelwa amathuba namaciko asemalokishini akule ndawo ukuze nawo athole ithuba lokuziqhakambisa.

“Ngonyaka odlule sasimeme nembongi uMaGcwabe owafika washukumisa inkundla kwajabula izinkumbi zabantu. Nakulo nyaka uzobuya futhi kuzomenywa nezinye izimbongi zaseSikhaleni,"kusho uNdaba.

Okunye okuhle kakhulu ngalo mcimbi kulo nyaka, wukuthi uzobe usakazwa bukhoma ku-SABC 1 kusukela ngo-21:30pm to 01:30am. 

Neziteshi zemisakazo zakwa-SABC uKhozi FM kanye neMetro FM kanye neziteshi ezizimele iGagasi FM kanye neVuma FM zizobe zisakazela kulo mcimbi.

Asekhona amathikithi kodwa amanye afana nawama-VVIP wona esephelile, amasango azovulwa ngo-18h00 ntambama kanti ngeSonto kunepikiniki ezokuba sebhishi kungenwa mahhala.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...