Izophuma ekupheleni kwenyanga i-album kaLundi yokugcina

2017-03-16 07:07

Johannesburg - Kulindeleke ukuba kukhishwe i-album iLegacy yesihlabani somculo weGospel esesadlula emhlabeni uLundi Tyamara ekupheleni kwenyanga ephezulu.

Le album iqukethe amaculo angu-18 kanti kuyona kuphinde kuzwakale nezinye izihlabani zomculo wowokholo okubalwa kuzo uFikile Mlomo noSipho Mbhele.

OLUNYE UDABA: "Sibonga iNkosi ngokusithathela uLundi"

Kule album, mane kuphela amaculo amasha uLundi ashiya ewaqophile, amanye wawakhipha ngonyaka wango-1998.

Imenenja kaLundi u-Anele Hlazo ithe amaculo amasha akule albumu ngawokugcina.

Imali ezokwenziwa nge-album izoya ezinganeni zakhe uSibonelo, 18, uCandy, 11, nmondeni wakhe.

ULundi udlule emhlabeni ngoJanuwari kulandela ukuxinwa wukugula ephethwe yi-TB yesisu nezinkinga zesibindi.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IZITHOMBE: Ngabe usenengoduso uKhune?

Emizuzwini eyi-30 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...