Izonyuka futhi imali yokukhokhela iDStv

2017-02-17 11:03

Cape Town – Kulindeleke ukuthi libhoboke iphakathe kumakhasimende eziteshi zikamabonakude ezikhokhelelwayo kuleli, iDStv,  njengoba kuzonyuka imali ekhokhwayo kusukela ngomhlaka-1 ku-Ephreli njengoba uMultiChoice usuqalisa uhlelo lokunyuswa kwemali kulo nyaka.

Phezu kwalokhu, uMultiChoice utshele amakhasimende eDStv ukuthi uzama ukugcina imali ekhokhwa nyangazonke iphansi ngaphansi kwesimo somnotho esinzima eNingizimu Afrika.

Amakhasimende azoshayeka kakhulu ephakethini yilawo asohlelweni lweDStv Family njengoba imali ayikhokhayo izonyuka isuka ku-R219 iya ku-R235 – nokusho ukunyuka ngo-7.3%.

OLUNYE UDABA: Bayanda abakhala ngokukhuphuka kwamanani e-DStv

Kodwa-ke okwamanje akukakacaci ukuthi amakhasimende asebenzisa uhlelo lwe-M-Net analogue, akhokha nyangazonke, izonyuka yini imali ayikhokhayo.

Amakhasimende asohlelweni lweDStv Premium sekuzomele akhiphe uR789 ngenyanga kusukela ngo-Ephreli njengoba lolu kuyilona hlelo olubiza ukuzedlula zonke kwaMultiChoice, yize noma lizonyuka kancane kunazo zonke ezinye izinhlelo, ngo-3.95%.  Ngonyaka odlule imali yalolu hlelo yanyuka ngo-8.58%.

Isibalo sabantu abakulolu hlelo lweDStv Premium besilokhu sehla ngonyaka ka-2016.

Amakhasimende asohlelweni lweDStv Extra asezokhokha u-R489; bese kuthi asohlelweni lwe-DStv Compact akhokhe u-R365.

Kodwa-ke amakhasimende asohlelweni lweDStv Access (R99) kanye neDStv EasyView (R29) wona aphunyulile kulokhu kwenyuka njengoba engeke anyuselwe. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-21°C Mostly cloudy. Mild. Bloem: 12-26°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...