Izokwethulwa kabusha incwadi kaBonang ngoLwesine

2017-09-13 19:30

EGoli - Ithimba eliphethe uBonang Matheba enkampanini iDNA Brand Architects iqinisekise amahlebezi athi izokwethulwa kabusha incwadi yale ntokazi.

Leli thimba litshele abe-Daily Sun ukuthi le yincwadi esilungiswe kabusha i-From A to B, futhi izotholakala ezitolo kusukela ngoLwesine.

Le ncwadi yethulwa okokuqala ngomhlaka-3 Agasti kanti yethulwa nje abantu bese beqalile ukubabaza inqwaba yamaphutha ayekhona kuyo.

Yize kunjalo, waqhubeka umcimbi wobukhazikhazi wokwethula le ncwadi eyayisivele idayiswa ubuthaphuthaphu.

Ukwanda kwezikhalazo ezinkundleni zokuxhumana zabafundi abebeyithengile le ncwadi akuzange kwehle kahle esitolo okuyisona esasidayisa le ncwadi.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: IsiNgisi dololo encwadini kaBonang

Isitolo esidayisa izincwadi, i-Exclusive Books, yaphoqeleka ukuthi ikhiphe isitatimende ezinkundleni zokuxhumana ithi amakhasimende angayibuyisa incwadi kaBonang bese ebuyiselwa imali yawo.

Kulokhu, kuthiwa le ntokazi izobe ikhona ngokwayo izodayisa izincwadi zayo ngqo kubalandeli abazobe bekhona ukuzoyithenga njengoba izokwethulwa kabusha.

I'm obsessed... ???? My new book.. Available now... Link in bio!! ???? #FromAtoB

A post shared by Bonang Matheba (@bonang_m) on

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...