Izizathu ezingu-12 ezenze uBonang wavala abantu kuTwitter

2017-04-19 09:31

Cape Town – Usaziwayo wakuleli ongaconsi phansi kumabonakude, uBonang Matheba, usekhombise izikhathi eziningi ukuthi akakunqeni nhlobo ukucindezela inkinobho yokukuvala (block) ukuze ungabe usaxhumana nhlobo naye enkundleni yezokuxhumana iTwitter.

Phakathi kwezinye zezinto ezibonakala zingehli kahle kule ntokazi uma abantu bembiza ngazo kubalwa ukumbiza ngegama lakhe lesibili elithi ‘Dorothy’ kanjalo nokusabalalisa umbhalo ka-D'banj.

OLUNYE UDABA: Useyilaxazile iMetro FM uBonang, ubonakale esiteshini esisha

Zifundele ezinye zezinto okungamele nangephutha ukuthi uzibhale kuTwitter, ngaphandle uma usufuna ukuvalwa ngokushesha uQueen B ngezansi:

1.     Ukubiza uBonang nge-“toothpick” noma uluthi lokuvungula.

2.     Ukuthi uthi uBonang yena wathola isihlahla sikaKhisimusi ekubeni abanye bathembisana imishado.

3.     Ukuphawula kulokho asuke ekuphawulile.

4.     Ukuhleka umlenze wakhe.

5.     Ungalokothi umbize ngoDorothy.

6.     Ukuziphefumula nje.

7.     Ukuvalwa ngenxa yobudlelwano.

8.     Ukukhuluma ngesikhwama sakhe.

9.     Ungalokothi  futhi uhleke.

10.  Ungalokothi uzihlanganise nowayethandana naye (ex).

11.  Enjalo nje akakhohlwa.

12.  Bese kuba ukumncoma.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...