IZITHOMBE: UVusi Nova uthengele uSomgaga izicathulo zika-12 000

2017-05-23 14:00

Johannesburg - Akuyona imfihlo ukuthi uSomizi Mhlongo odume ngelikaSomgaga uyazifela ngezinto ezibizayo, kanti sekuyacaca futhi manje ukuthi nabangani bakhe bayakwazi lokho.

Umculi we-RnB, osezinqobele inqwaba yezindodo, uVusi Nova, umangaze uSomizi ngamateki eGucci ngesikhathi emhalalisela ngomsebenzi azowenza emcimbini wama-SAMA.

Ngokwe-website yeGucci lezi zicathulo zibiza u-$950, nokusho ukuthi zingaphezu kuka-R12 000 ngokwemali yaseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: USkolopad uthembise 'ngokubanqunu' kowamaSAMA

USomizi uzwakalise ukubonga kwakhe enkundleni yezokuxhumana i-Instagram, wathi uzozigqoka emcimbini wama-SAMA ngempelasonto.

"Umngani wami ungicele ukuba ngidlule lapho ebethwebula khona izithombe zephephabhuku. Kanti uzongimangaza ngokungihalalisela ngomsebenzi engizowenza kuma-SAMA,” esho.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IZITHOMBE: Ngabe usenengoduso uKhune?

Emizuzwini eyi-32 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...