IZITHOMBE: Uthenjiswe umshado umsakazi woKhozi FM

2017-05-31 12:30

Durban – Umsakazi woKhozi FM ophinde abe ngumlingisi, uSthandwa Nzuza, uthenjiswe umshado ngempalasonto, ngokusho kombiko.

Lokhu kufakazelwe yimiyalezo yezilokotho ezinhle ebilokhu ivezwa yilowo ongumsunguli wamaCrown Gospel Awards, uZanele Mbokazi-Nkambule, ebiphelezelwa yizithombe zikaNzuza efake indandatho.

Naye uNzuza, 33, ube esebabela enkundleni yezokuxhumana u-Instagram wacaphuna ivesi leBhayibheli elithi “Lowo othola umfazi, uthola okuhle”.

Lo sukasambe wentokazi ube usujobelela ngokuthi “uyinto yakhe enhle” ebhekise kumyeni, mayelana naleli vesi.

Umbhalo wakhe ulandelwe yinqwaba yabantu abebemhalalisela, bemfisela okuhle kodwa abanye bamamukela esigabeni sokuba ngumama, kubika iZalebs.

Okunye okuvelile ukuthi uNzuza uzoshada nomfundisi, ocashunwe ngelikaBishop Gama.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwake kwaba nemibiko ngo-2013 eyayiveza ukuthi lo msakazi wathenjiswa umshado yilowo owayeyisikhulu kwaMetro FM, uMartin Vilakazi. Nokho bobabili bakuphika lokhu.

UNzuza ushayela iBhampa 2 Bhampa ngoLwesihlanu bese kuthi ngoMgqibelo azwakale kuKhozi FM Top 20.

IZITHOMBE:

Kikikiki kuhle kwethu! Here to witness the engagement of my baby @sthandwa.nzuza with a friend

A post shared by Zanele Mbokazi (@mbokazizanele) on

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...