IZITHOMBE: Usaziwayo wethule ingqephu entsha yezingubo zangaphansi

2017-11-04 08:00

Cape Town - Usaziwayo ongumlingisi kanye nomsakazi uThando Thabethe wethule ingqephu yakhe entsha yezimpahla zangaphansi.

Le ntokazi yethule le mpahla ngoLwesine ebusuku eGoli lapho iveze khona okwangaphansi kanye nokunye okwanze umzimba ubonakale umi kahle.

UThando waqala ngokumemezela ngoJulayi ukuthi unengqephu yakhe azoyikhipha ezobizwa ngokuthi yi-Thabooty.

OLUNYE UDABA:Abaculi bakaMaskandi abahlanu abadla ukotini

Ngokwesimemezelo asenza, wathi le ngqephu yakhe yinhle futhi ifanele wonke umuntu wesifazane njengoba yakhelwe bonke abantu abanemizimba eyehlukahlukene.

Lo msakazi wethule lokhu ngomcimbi onesiqubulo esithi,"pajama chic."

Lo mcimbi ubuhanjelwe osaziwayo abafana noSbahle Mpisane kanye noSomizi Mhlongo.

Nazi Izithombe:

Your dreams are valid!!! Look what I did ???????? #Thabootys @thabootys

A post shared by Thando Thabooty Thabethe (@thando_thabethe) on >

3 days to go... @sbahle_mpisane for @thabootys #Thabootys #IAMWOMAN

A post shared by Thando Thabooty Thabethe (@thando_thabethe) on

Bam!!! Strike a pose...it's that thabootys feeling ????

A post shared by thabootys (@thabootys) on

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...