IZITHOMBE: Usaziwayo umemezele ukuthi ukhulelwe ingane yesithathu

2018-01-10 10:59

Cape Town -  Unobuhle owake bahlabana nesicoco sikaMiss South Africa, uJo-Ann Strauss, umemezele ukuthi ukhulelwe ingane yesithathu, ngokufaka izithombe ezimbili enkundleni yezokuxhumana u-Instagram ngoLwesibili nangoLwesithathu. 

Esinye isithombe besihambisana nalo mbhalo: "Siyajabula ukunazisa ukuthi umndeni wethu uzokwanda ngo-2018 yingakho bengingabonakali kamuva ezinkundleni zokuxhumana ngenxa ye-morning sickness kula masonto edlule.

"Ngiyethemba ukuthi izokwehla kungekudala, yize kunjalo ngiyathokoza ngesibusiso sokuba nenye ingelosi."

Kwesinye isithombe ube eseveza isisu efuna ukuqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi uzithwele ngempela.

Lo zime washada noMichael Held ngo-2012 kanti unezinye izingane ezimbili.

IZITHOMBE:

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...