IZITHOMBE: Umsakazi woKhozi ubophe elikasofa silahlane ngempelasonto

2017-09-18 16:00

eThekwini - USthandwa Nzuza, onguMsakazi woKhozi FM usethathiwe.

Le ntokazi yaselokishini laseNanda, enyakatho nedolobha leTheku ishadele e-The duBoirs Lodge eWaterfall, ngaphandle kwaleli dolobha.

Lo mcimbi ubuhanjelwe yizihlobo, nabangani kanye nabanye osaziwayo abebezokweseka uNzuza nomyeni wakhe bebopha elikasoda silahlane.

Le ntokazi esingunkosikazi Gama itshele abe-Daily Sun ukuthi ijabule kakhulu ngoba usuku lwayo lube yimpumelelo futhi bekukuhle konke.

"Bekungumshado wami wamaphupho, sengingumama Gama ngokusemthethweni," kusho yena.

Uthi ingubo yakhe yomshado akayithungisanga kodwa wayithenga. "Ngayithanda ngiwala ukuyibona."

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ubukhazikhazi bomshado omhlophe kaMinnie Dlamini

Lo mshado ubukhulunyelwa phansi futhi akuzange kufafazwe nasezinkundleni zokuxhumana, usomabhizinisi uZanele Mbokazi uyena yedwa ofake isithombe sakhe benomakoti ezinkundleni zokuxhumana.

Abanye osaziwayo abahambele lo mcimbi wumlingisi uXoli Zondi osanda kugana naye, uZanda Mthembu woKhozi kanye noDJ Happy Gal.


TOO MUCH LOVE IN THIS CIRCLE ?? smile keepers

A post shared by Zanda Mthembu (@zanda_mthembu) on

We were bright and beautiful #SthandwaNzuzaWedding @zandiletembe (i know usuwenza leyompahla manje)

A post shared by Zanele Mbokazi (@mbokazizanele) on

With the beautiful bride yesterday #SthandwaNzuzaWedding

A post shared by Zanele Mbokazi (@mbokazizanele) on

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...