IZITHOMBE: UMinnie Dlamini useveze isithombe sokuqala somembeso

2017-07-25 12:36

Cape Town – Usaziwayo wakuleli ongumethuli wezinhlelo zikamabonakude, uMinnie Dlamini, usanda kwembeswa ngabasemzini, kanti useze wabelana ngesithombe sokuqala sakhe sale ndumezulu yomcimbi ezinkundleni zokuxhumana.

Isithombe abelane ngaso besikade sifakwe umngani wakhe ongusaziwayo, u-Unathi Msengana.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Usethenjiswe umshado usaziwayo olingisa ku-Generations

UMsengana ufake lesi sithombe ku-Instagram ebesihambisana nombhalo lapho ekhuluma ngomzuzu lapho ebone khona okokuqala umakoti.

Ezinye zezicukuthwane ezingosaziwayo ezazihambele lo mcimbi kubalwa uKhaya Dlanga, uBasetsana Kumalo, uNandi Madida kanye noNorma Gigaba. 

Zibonele lesi sithombe kanye nezinye izithombe ngezansi: 

With future Mrs Jones. Congratulations!

A post shared by khaya dlanga (@khayadlanga) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 11-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...